Kulindeleke ukuba abonakale okokuqala namuhla ngemuva kweminyaka embili ahamba umlingisi womdlalo kamabonakude oluchungechunge nodlala maphakathi nesonto ku-e.tv, iRhythm City.
UPam Andrews, nodlala indawo ka-Gail October, uzoqala ukubonakala kulo mdlalo ngoLwesine kusihlwa (ngo-7:00) ngemuva kwminyaka emibili njengoba awushiya ngonyaka ka-2015.
FUNDA NALOLU DABA: Abalingisi abaqavile bazoshiya Uzalo, kuzolethwa abasha
U-Andrews uzobe elingisa kanye nendodana yakhe eneminyaka emihlanu ubudala, uCidjey, nezobe idlala indawo yokuba indodana yakhe nangokomdlalo nalapho ubaba wayo kuyinkakha yomlingisi walo mdlalo, uDavid Genaro. Indodana yona idlala indawo kaQuinton.
Ngaphambilini watshela abakwa-e.tv ukuthi kuyamthokozisa kakhulu ukuthi indodana yakhe nayo isilandela ezinyathelweni zakhe ngokuba ngumlingisi.
[Watch] Gail is back and things are about to get heated! #RhythmCity pic.twitter.com/lZqKijY0al
— Rhythm City (@eRhythmCity) November 21, 2017
Image: Rhythm City Twitter account