Kunxuswa amaphoyisa ukuba abophe ababulale ikhansela

Kudutshulwe kwabulawa iKhansela laseMngeni Local Municipality uSthe Mhlongo nodutshulwe wabulawa esendlini yakhe, ngokusho kwe-Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs (Cogta) KwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi uMhlongo udutshulwe ngabantu abangaziwa, nokuthiwa bafike bezomnqongqozela endlini ngezikhathi zasekuseni ngoLwesine.

FUNDA NALOLU DABA: Kugxekiwe ukudutshulwa kubulawe kwabahlanu KwaDlangezwa

UNgqongqoshe woMnyango uNomusa Dube-Ncube usekugxekile lokhu kubulawa kwaleli khansela.

“Sinxusa abezomthetho ukuba baphenye lesi sigameko bese beletha abenzi bobubi kwingaloyomthetho ngaphandle kokubambezela,” kusho uNgqongqoshe.

Image: Pixabay

Related Posts