Asevele ajama ama-website athengisa online ngenxa ye-#BlackFriday

Isasasa kubathengi kanjalo nokuncintisana ngokuthenga kuqala izimpahla ezingamanani aphansi sekujamise amanye ama-website ezitolo ezinkulu kululeli nge-Black Friday.

IBlack Friday wusuku lapho izitolo ezinkulu zisuke zidayisa izimpahla ngamanani aphansi nokuwumkhuba owaqala e-United States kanti kamuva usuqala ukudlisa nalapha eNingizimu Afrika.

FUNDA NALOLU DABA: Kululekwa abathengi ngokuthenga online, bagweme ukugxobana nge-#BlackFriday

Abanye abathengi kubikwa ukuthi baqale ukulinda ngaphandle kwezitolo kusukela ngoLwesine ebusuku kanti labo abathenga online besebekwazi ukuthenga kusukela phakathi kwamabili.

Kodwa-ke kubukeka sengathi umthamo ubumuningi kakhulu njengoba isitolo sakuleli esingezinye zezinkulu kwezidayisa online, i-takealot.com iye yaqumbeka phansi i-website yaso ingasavumi ukusebenza ngezikhathi zasekuseni ngoLwesihlanu.

Lesi sitolo sizixolisele ngokwaso ngoLwesihlanu ekuseni nalapho sibhale kuTwitter ukuthi: “I-website kanye nama-apps ethu akusebenzi okwesikhashana. Siyaxolisa ukuphoxa amakhasimende ethu azama ukuthenga ngale Black Friday, futhi sizobuyela sisebenze ngokushesha okungakhoneka.”

FUNDA NALOLU DABA: Kunxuswa abantu ukuba basebenzise imali ngobuhlakani nge-#BlackFriday

Ngaphambilini abakwa-Takealot.com baxolise kumakhasimende ngokushaya ngonyawo lonwabu kwama-website abo, bathi kodwa bayayilungisa le nkinga.

Kunemibiko yokuthi ne-website ye-The Foschini Group (TFG) nayo ibikhombisa ukuba nobuhixihixi ngezikhathi zasekuseni. I-TFG iyona ephethe izitolo ezinkulu zakuleli ezifana no-Foschini, uMarkham, u-Exact, uTotalSport, uSportScene kanye no-Amirican Swiss ukubala nje ezimbalwa.

Image: takealot.com website screenshot

Related Posts