I-National Prosecuting Authority (NPA) isisamukele isinqumo se-Supreme Court of Appeal’s (SCA) ngoLwesihlanu sokuguqula isigwebo sangaphambilini esasinikezwe umsubathi wakuleli okhubazekile (Paralympian), u-Oscar Pistorius, ngecala lokubulala owayeyisinqandamathe sakhe, u-Reeva Steenkamp.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-Julayi 2016 uJaji Thokozile Masipa ePretoria High Court wagweba uPistorius iminyaka engu-6 ngecala lokubulala uSteenkamp ngosuku lwezinthandani, i-Valentine’s Day, ngonyaka ka-2013.
UMasipa ngaleso sikhathi wathi ukugweba u-Pistorius isikhathi eside edonsa ejele angeke kube ubulungiswa njengoba lo msubathi esevele edonse izinyanga ezingu-12 futhi ubeqala ukwenza ubugebengu kanti futhi mancane amathuba okuthi aphinde enze okungalungile.
FUNDA NALOLU DABA: Ugwetshwe iminyaka engu-6 u-Oscar Pistorius
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi iNPA yadlulisela phambili ukugwetshwa kukaPistorius kwaseqaleni ngeminyaka emihlanu uMasipa ngecala lokubulala ngokungenhloso ngonyaka ka-2014. Icala lokubulala ngokungenhloso labuye laguqulwa laba ngelokubulala.
Kodwa-ke ngoLwesihlanu i-SCA ilule isigwebo sikaPistorius safinyelela eminyakeni engu-13 kanye nezinyanga ezinhlanu ngaphezulu esejele
“I-NPA ijabule ngesinqumo se-Supreme Court of Appeal sokushintshisa isikwebo seminyaka eyisithupha ngesifanelekile seminyaka engu-13,” okhulumela iNPA uLuvuyo Mfaku ucashunwe kanjalo kwi-SAnews nalapho engeze ngokuthi lesi sigwebo sizowusiza umndeni ukuthi uzithobe amanxeba.
UJudge Legoabe Willie Seriti uthe empeleni lo msubathi owawina izindondo kwakufanele agwetshwe iminyaka engu-13. Kodwa-ke iSCA iye yabheka nokuthi ubesevele esiqalile isigwebo.
Lokhu kusho ukuthi isigwebo seNkantolo eNkulu sibuyiselwe eceleni.
Image: Wikimedia Commons