Abantu abangu-18, abangu-16 babo okuyizingane, bathole ukulimala okuncane kwathi abanye balimala kanzima kukulandela ukushayisana kwemoto encane netekisi ekhoneni lika-Halt kanye no-Ninth road e-Elsies River ngoLwesihlanu ekuseni.
Ngokusho kwabosizo lokuqala bakwa-ER24 bathi bafike endaweni yesigameko ngezikhathi zabo 07:50, nalapho befice khona owesifazane esevele esenikezwa ukwelashwa ngabanye bosizo lokuqala.
FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Ibhasi lishayisane nemoto lagibela phezu kwayo
Izingane ebezisendaweni yesigameko kuthiwa zithole ukwelashwa ngaphambi kokuba ziphuthunyiswe esibhedlela.
Okwamanje akucaci ukuthi kube yini imbangela yale ngozi.
Image: ER24