Ufungiswe njengoMengameli wesithathu waseZimbabwe uMnangagwa

Lowo owayeyiSekela Mengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa ufungiswe njengoMengameli wesithathu wakuleli lizwe ngoLwesihlanu

Ngaphambilini izinkulungwae zabantu bezifike ngobuningi enkudleni yezemidlalo emumatha abantu abangu-60 000 nesenhlokodolobha iHarare njengoba bebezozibonela ngawobo lokhu kufungiswa kwalo Mengameli omusha.

Ukufungiswa kukaMnangagwa kulandela ukusula kukaRobert Mugabe (93) ngoLwesibili ntambama ngemuva kweminyaka engu-37 ehola iZimbabwe.  

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Kuthiwa abasazibheki izithombe zikaMugabe abaseZimbabwe

Emasontweni ambalwa edlule uMnangagwa waxoshwa nguMugabe njengeSekela lakhe kanti kukholaka ukuthi wayephendlela unkosikazi wakhe uGrace Mugabe isikhundla sokuba ngusekela mengameli khona ezogcina engumengameli wezwe olandelayo.

UMnangagwa kulindeleke ukuba amemezele iKhabhinethi lakhe ngemuva komcimbi wokumfungisa kanti yena uzoba nguMengameli wesikhashana kuze kube ngu-August 2018, nokuyilapho kuzobe sekuba nokhetho olulandelayo eZimbabwe.

Ngaphambilini uMengameli Jacob Zuma ufisele uMnangagwa okuhle kulesi sikhundla sakhe esisha.

Image: GCIS

Related Posts