I-EFF ifuna kuphenywe uMultichoice ‘ngama-millions owawakhokhela abakwaGupta’

I-EFF “isigxeke ngokunyanya” lokho ekubiza ngobudlelwano benkohlakalo phakathi kwesikhondlakhondla senkampani uMultichoice kanye noNgqongqoshe uFaith Muthambi nethi bavimbela ukuba nokuncintisana (competition) embonini yomabonakude abakhokhelwayo

NgoLwesihlanu, iNews24 ishicilele udaba olunyingxenye yama-emails aputshuka athinta izinsolo zenkohlakalo kanye nokulawulwa kombuso okusolwa ngakho umndeni wakwa Gupta naziwa ngama-#GuptaLeaks.

FUNDA NALOLU DABA: Uyazivikela u-DStv ngokuphindaphinda izinhlelo

Kulo mbiko kuvele ukuthi uMultichoice, nophethe uDStv kanye M-Net, wenza inkokhela ongoti abathi ishayisa amakhala yesamba semali engu-R25m, neyakhokhelwa isiteshi sezindaba senkampani okwakungeyabakwaGupta i-ANN7.

Kuphinde kwavela nokuthi ngaphezu kwalokho uMultiChoice wanyusa imali oyikhokhela u-ANN7 ngonyaka isuka ku-R50m iya ku-R141m.

Kuthiwa uMultichoice wakhokha le mali ngemuva kwalokho okubukeka “njengokusiza” komndeni wakwaGupta lowo owayenguNgqongqoshe wezokuXhumana uFaith Muthambi ekutheni enze uMengameli Jacob Zuma adlulisele amanye amandla ezokusakaza kuyena, nokuyinto okuthiwa wayefuna kabi ukuthi yenzenzeke.

I-EFF Isola uMuthambi ngokuthi wasebenzisana nabakwaGupta ukuze athole imali “yokugwazelwa” ngokuthi avikele uMultichoice ekutheni kungabi khona izinkampani ezizoncintisana nawo (competition) emakethe.

FUNA NALOLU DABA: Awaneme amakhasimende e-OVHD ngoshintsho lwama-satellite dish

Leli qembu lithu uMuthambi wagwazelelwa ukuthi eseke uhlelo lwama-set-top boxes a-unencrypted, nokuyinto okusolwa ukuhti yazusiza uMultichoice.

Manje i-EFF isinxuse iPhalamende ukuba lenze uphenyo ngomthelela abakwaGupta ababa nawo kuMuthambi. “I-EFF izophinde ibike uMultichoice kwi-Competition Commission ukuze iphenye ukuthi baba (uMultichoice) nomthelela omngakanani kwinqubomgomo yama-set-top boxes evuna ubuningi babo emakethe,” kusho okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi.

Related Posts