I-EFF isivulele icala isikhulu se-IEC ‘esixoshelwe ukunika abavoti amaphepha amathathu’

I-EFF isikwamukele ukuxoshwa kwesikhulu senhlangano eyengamele ukhetho kuleli i-IEC ngezinsolo zokuthi asihambisanga kahle okhethweni oluqhubekayo eMetsimaholo Local Municipal.

“U… (emgagula ngegama) obebhekelele isiteshi sokuvota iWard 8 Ethiopian Church of South Africa uxoshwe khona lapho ngu Mr Itumeleng Liba oyi-Provincial IEC Manager,” kusho okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi.  

I-EFF ithi ukuxoshwa kwalesi sikhulu kuza ngemuva kokuthi iye (i-EFF) yafaka isikhalo sokuthi besingayigqizi qakala imigudu yohlelo lokuvota.

FUNDA NALOLU DABA: Isulile imeya ‘eyathumela’ isithombe sentombazane (14) engagqokile kuWhatsApp

“Okokuqala, wenze lokhu ngokuthi angafaki u-ink abavoti ukuze bezomakwa ukugwema ukuthi bavote ngokungaphezu kokukodwa.

“Okwesibili, ubenikeza abavoti ama-ballots amathathu esikhundleni samabili ukuze bezovota ngokungaphezu kokuvumelekile. Lokhu kuthholakale ngesikhathi umvoti othembekile ebuyisa ama-ballots ebona ukuthi abengaphezu kokudingakalayo,” kuqhuba uNdlozi.

I-EFF ithi isisivulele icala lesi sikhulu ngoba ithi kuyacaca ukuthi sense ngamabomu ukuze sibeke emathubeni angcono inhlangano ebusayo.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts