UMengameli Zuma uzovula umgwaqo ‘ozophungula isiminyaminya eThekwini’

UMengameli Jacob Zuma kulindeleke ukuba avule umgwaqo omusha uDumisani Makhaye Drive (Main Road 577) eClermont, ngaphandle kweTheku, ngalo Mgqibelo wangomhlaka-2 December 2017.

IHhovisi likaMengameli lithi ukuphothulwa kokwakhiwa kwalo mgwaqo okuthiwa udle u-R1.3 billion kwenza ube ukuthuthukiswa kwengqalasizinda okukhulu ezweni eminyakeni emihlanu.

Lo mgwaqo uqanjwe ngeqhawe lo mzabalazo uDumisani Makhaye futhi owake waba nguNgqongqoshe KwaZulu-Natal.

FUNDA NALOLU DABA: I-EFF ifuna kuphenywe uMultichoice ‘ngama-millions owawakhokhela abakwaGupta’

IHhovisi likaMengameli lithi kuzobe kungokokuqala ngqa imiphakathi okubalwa iNewlands, KwaMashu, Inanda, KwaDabeka, iClermont kanye nePinetown ikwazi ukuhlangana ngenxa yalo mgwaqo.

UDumisani Makhaye Drive uzogudla kuMngeni River kanti uzophinde uhlanganise ne-Duffs Road eKwaMashu neDinkelman eseNew Germany.

Abashayeli bezimoto abaqhamuka koPietermaritzburg kanye nasePinetown nabo kuthiwa sebezokwazi ukusebenzisa lo mgwaqo uma ngabe beya eKing Shaka International Airport. IHhovisi likaMengameli lithi sesizoke sithi ukuncipha isiminyaminya nasemigwaqeni emikhulu engothelawayeka okubalwa kuyo u-N2 kanye no-N3.

Image: GCIS

Related Posts