Isikhondlakhondla senkampani yezobuchwepheshe uGoogle ususungule i-App entsha ye-Android ezosiza abantu ukuthi bakwazi ukonga ama-data uma ngabe besebenzisa i-internet komakhalekhukhwini babo nebizwa ngokuti yi-Datally.
Nazi ezinye zezinto ezitholakala kule app:
DATA SAVER: Ikusisa ekutheni wonge ama-data kumakhalekhukwini ngokungacishe kufinyelele ku-30% ngokuthi ilawule indlela osebenzisa ngayo ama-data kwi-app ngayinye ngokwehlukana kwawo. Lokhu kusho ukuthi usuzokwazi ukuziklalela ukuthi ufuna ukusebenzisa ama-data amangakanani kwi-app ngayinye.
FUNDA NALOLU DABA: Sekuqalile ukucisheka kwama-message athunyelwe ngephutha ku-WhatsApp
DATA SAVER BUBBLE: Uzokwazi ukubona ngaleso sikhathi ukuthi mangakanani ama-data osuwasebenzisile kwi-app futhi ukwazi nokuvala (block) ukusebenza kwama-data kwi-app uma ngabe esedleka kakhulu.
WI-FI FINDER: I-Wi-Fi finder izokusiza ukuthola i-Wi-Fi networks ekahle eseduzane Ngaphambi kokuba uyisebenzise uzobona ukuthi abanye abantu abasebenzisa iDatally bayincoma noma bayigxeka kanjani le-Wi-Fi network. Nawe futhi ungakwazi ukuthi uncome noma ugxeke iWi-Fi network obuyisebenzisa.