BUKA: Uma ungibona esiteji ngisuke ngikhokhelwe u-R35000 – Zodwa

Abantu bahlukene phakathi ezinkundleni zokuxhumana ngombhalo wentokazi yakueli engumdansi ohlale esematheni uZodwa Wabantu.

UZodwa usezakhele olukhulu udumo kuleli ngokudansa engaligqokile iphenti noma egqoke okuveza umzimba nokuyinto echaza kakhulu abalandeli bakhe.

Muva nje usanda kuhlabana ngendondo ye-Drama Queen of the Year kuma-Feather Awards 2017 nalapho abhincisela nxaye imbangi yakhe enkulu engumculi wekwaito uSkolopad, naye osezakhele udumo ngokugqoka izingubo ezimveza umzimba ikakhulukazi emicimbini yezindondo.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Ububhanyabhanya abantu beshutha uZodwa Wabantu edansa ‘engagqokile’

Embhalweni wakhe waku-Instagram, uZodwa ubhale ukuthi akeve nje echaza abantu mahhala, wathi ngaso sonke isikhathi uma ngabe enandisa esiteji usuke ekhokhelwe u-R35000.

Le ntokazi eyazakhela udumo ngokushaya ‘ivosho’ endaweni yobumnandi Eyadini eMlazi ithi yona futhi ayisebenziseli imali yayo ukubukwa noma ukuthenga izingubo zokugqoka njengoba ithi inendlu ethi yona eyithenge ngemali yayo futhi engayikweleti ngisho nesenti. Uthi indlu yakhe inamagumbi amathathu okulala, igumbi lokudlela, elokugezela, ikhishi kanye negaraji.

“Noma yisiphi isiteji ongibona kusona lokhu kukhokhelwe u-R35000. Angeke ngigqoke imali yami. Angeke ngibukise ngemali yami. Nginendlu ngemali yami. Eyami angiqashile. Alikho ibhange, ukheshi. Sibukisa ngezindlela ezingafani,” kusho uZodwa.

Image: Zodwa Wabantu Twitter Account

Related Posts