I-Mi Casa neStimela bazonandisa kowe-Jazz

Iqembu lomculo lakuleli eselike lawina indondo kanye neqembu le-Afro-Fusion, iStimela, bazoba yingxenye yabaculi abazobe benandisa emcimbini we-Jazz, i-2017 Ekurhuleni Comes Alive Jazz Evening.

Lo mcimbi kulindeleke ukuba ube ngomhlaka-8 December e-The Birchwood Hotel & OR Tambo Conference Centre eBoksburg.

Kulo mcimbi kuzobe kunandisa nomculi owaduma kuma-Idols Season 10, uMmatema Moremi. Lo mculi useke washiyelana inkundla nabaculi abahlonishwayo okubalwa kubo uBenjamin Dube, iJoyous Celebration kanye noCarli Rae Jepson.

FUNDA NALOLU DABA: Owaduma kuma-Idols SA uzokhipha i-album ne-999

Omunye umculi okulindeleke ukuba anandise kulo mcimbi ngu-Tumi Tladi (ongumculi we-Hip Hop kanye nendodana yomsunguli we-Joy of Jazz Festival uPeter Tlad).

Amathikithi alo mcimbi adayiswa ngo-R450 umuntu ngamunye kanti ngu-R4 500 itafula labangu-10. Umcimbi kulindeleke ukuba uqale ngo-20:00 kusihlwa.

 Image: Supplied

Related Posts