Kushone owesifazane kushayisana imoto neloli

Kushone owesifazane ngesikhathi kushayisana iloli kanye nemoto encane emgwaqeni u-Ventersdorp Road, ebangeni elingu-15km ngaphandle kwasePotchefstroom.

Ngokusho kwabosizo lokuqala bakwa-ER24, bafike endaweni yesigameko ngezikhathi zabo-07:40 ekuseni ngoLwesithathu nalapho befice khona kokubili imoto encane kanye neloli kusohlangothini lomgwaqo.

“Imoto encane itholakale ingene kwingaphansi leloli. Ngesikhathi kuphenywa eduze, abosizo lokuqala bathole isidumbu sowesifazane ongasaphili nobelele evaleleke ngaphakathi emotweni encane,” kulandisa abakwa-ER24

FUNDA NALOLU DABA: Kulimale abangu-18, iningi okuyizingane, kushayisana imoto netekisi

“Ngebhadi, lo wesifazane ubesevele ebulawe ukulimala kwakhe. Akukho okunye obekusangenziwa kanti uhlonzwe njengoshonile.”

Kubikwa ukuthi ithimba lezokucinywa komlilo kuye kwadingeka ukuba lisebenzise amathuluzi akhethekile ukuze likhiphe isidumbu salo wesifazane.

Nokho kubikwa ukuthi umshayeli weloli yena akazange alimale.

Image: ER24

Related Posts