Sekusele amahora kuvalwe ukufaka izicelo kwi-NSFAS

Sekusele amahora ambalwa ngaphambi kokuba kuvalwe ukufakwa kwezicelo zokuxhaswa ngosizo lwezimali zokufunda kwabafundi abahlose ufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme zomphakathi ngonyaka ka-2018.

I-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ixhasa abafundi abafundaema-Technical and Vocational Education and Training (TVET) kanye nasemanyuvesi omphakathi.

I-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) yaqala ukuthatha izicelo zokuxhaswa ngonyaka ka-1 August 2017 kanti kuzovalwa phakathi kwamabili namuhla, mhlaka-30 November 2017.

FUNDA NALOLU DABA: Nakhu okumele ukwazi ngombiko kolwemfundo yamahhala

“Abafundi, abazali kanye nabaqaphi, bayaxwayiswa ukuthi u-NSFAS angeke uze ulivule elinye ithuba lezicelo ezintsha ngemuva kokuvalwa kwanamhlanje – njengoba ukwenzenjalo kuzobambezela uhlelo lokuphothula uhlu lokuxhasa ngemali lwango-2018,” onguMqondisi Jikelele we-Basic Education, uMathanzima Mweli, usho kanjalo ngoLwesine.

UMweli uphinde waveza nokuthi ngesikhathi kugcina ukubalwa uNSFAS wathola izicelo ezilinganiselwa ku-190 400 ngomhlaka-27 November.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts