UBenni usekhwele wadilika kwidolobha laseKapa encwadini

Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy, usekhwele wazehlela kwidolobha laseKapa encwadini nalapho elisole khona ngokungakhathaleli nhlobo kanye nokuthathelwa phansi kwebhola lezinyawo kuleli dolobha.

UMcCarthy ubhale incwadi evulelekile (open letter) nalapho eye wabhodla ngezinye zezinto ezingamphethe kahle ngendlela iqembu lakhe eliphethwe ngayo yiDolobha laseKapa.

“Kuwukudumala okukhulu kubadlali bami, ikilabhu, abalandeli kanye nabo bonke abantu abathanda ibhola eNingizimu Afrika ukuthi kumele siqinisekise ukuthi umdlalo wethu olandelayo wasekhaya neMaritzburg United uzodlalelwa ngaphandle kwekhaya, eDurban. Ukudlala lo mdalo obaluleke kangakho kwisifundazwe sezimbangi (lapho iKZN ikwazile kalula futhi izimisele ukusisingatha) ngokucacile kuyasidumaza kakhulu futhi kuyahlazana,” kukhalaza uBenni.

FUNDA NALOLU DABA: ICape Town City, iWits noBenni bazoqondiswa izigwegwe

“ICape Town Stadium ayitholakali ngenxa yokuhlelwa kweRugby 7s, kodwa sesikujwayele ukukhishwa eCape Town Stadium ngemicimbi engabalulekile kakhulu,” kusho uBenni engeza ngokuthi kuyashaqisa ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi inkundla yezemidlalo eyaba khona ngenxa yeNdeba yoMhlaba yebhola lezinyawo eyayisingethwe kuleli ngo-2010 “ayikwazi ukubekelwa izinsuku ezingu-15 kwezingu-365 zeqembu lebhola elikhulu eDolobheni”.

Lo mqeqeshi odume ngokuzikhulumela nokuba nenhliziyo encane uthi okuxakayo ukuthi le nkundla ihlale itholakala uma ngabe kunemidlalo yeRugby, imishado yangasese kanye neminye imicimbi.

“Ibhola eCape Town seliphoqiwe ukuthi liye ekudingisweni,” kuphetha uBenni kule ncwadi yakhe.

Image: Wikipedia

Related Posts