I-DA ifuna i-NPA ibeke ngokushesha uZuma amacala

I-Democratic Alliance (DA) ngoLwesine ifake amaphepha kwi-National Prosecuting Authority (NPA) nalapho ibibeka khona amaphuzu mayelana nokuthi kungani uMengameli Jacob Zuma kumele abhekane ngokushesha namacala angu-783 enkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokushintshisana ngemali ngokungekho emthetweni.

Leli qembu lithi lisamile kwelokuthi amacala ayebhekene noZuma ahoxiswa ngokungafanelekile yi-NPA ngo-April 2009, yathi lokho kusho ukuthi asekhona.

FUNDA NALOLU DABA: I-DA isinikele enkantolo ukuphoqa uZuma aphendule ngezindleko zamacala

“Ukushushiswa kumele-ke kuqhubeke ngaphandle kokubambezeleka,” kusho iDA yengeza ngokuthi uma kungukuthi uZuma unezethulo ezintsha afuna ukuzenza kumele zibhekwe yinkantolo yezomthetho, hhayi yi-National Director of Public Prosecutions (NDPP), u-Adv Shaun Abrahams.

I-DA iphinde yashaya amakhala ngokuzimela kanye nokungachemi kwe-National Director of Public Prosecutions (NDPP), nethi izenzo zayo ezikhathini eziningi kulolu daba zishiya imibuzo.

Image: GCIS

Related Posts