BUKA: Ugaxele kabi ocingweni ‘obezogqekeza’ endlini

Kubukeka sengathi izinto azihambanga njengoba kade kuhleliwe kowesilisa osekusabalale i-video aqoshwe kuyona nalapho ebonakala ehlatshwa wucingo agaxele kulona nolubiyele emzini okukholakala ukuthi ubezogqekeza kuwona.

Le video idlala isikhathi esicishe sibe yimizuzu emibili kanti iqoshwe ngumuntu obesemotweni. Kuyo kubonakala lo wesilisa elokhu etibile njalo ezama ukuziqaqa kulolu cingo abegaxele kulo. Ibhulukwe abeligqokile liyabonakala ukuthi seliguge laphela ngenxa yalolu cingo olusikayo.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Uthole okukhulu ukugxekwa ungqongqoshe oqoshwe echama esigangeni

Kunesigameko lapho ecishe wawa phansi kodwa kwala ukuthi umlenze ubambekile nokwenze wagcina eselenga ngaphambi kokuba abuye aqale phansi ukutibila. Ngaleso sikhathi kuyezwakala kukhonkotha izinja okukholakala ukuthi zingaphakathi kulo muzi okosolakala ukuthi obezoganga kuwona.

Abantu abebeqopha i-video kubukeka sengathi abazange bazihluphe nakancane ngokusiza lo mlisa.

Image: Pixabay

Related Posts