I-PSL isivale izinkundla ezingu-13 ngenxa yenkinga yamanzi

IPremier Soccer League (PSL) ithi isiphoqeleke ukuba ivale ukusebenza kwezinkundla ezingu-13 ezisetshenziswa ngamaqembu ayo eWestern Cape ngenxa yenkinga elokhu iqhubeke njalo kulesiya sifundazwe yokushoda kwamanzi.

Lezi zinkudla zivalwe ngenxa yokuthi azikho esimweni esifanelekile ngokwezinga elilindelekile kwi-PSL.

I-PSL ithi ngaphezu kwale nkinga yamanzi, iphinde ibhekane nenkinga yokuthi ezinye zezinkundla ziyalungiswa kanti ezinye seziguquliwe nokwenza zingatholakali ukuthi zingasetshenziswa yi-League.

FUNDA NALOLU DABA: UBenni usekhwele wadilika kwidolobha laseKapa encwadini

“ICape Town stadium isibhukhelwe i-rugby, ama-concert kanye neminye imicimbi ehlukene. Ngenxa yalokhu, i-Athlone stadium isisetshenziswe kule sizini yiwo wonke amaqembu amahlanu eCape Town kanti lokhu kusebenzisa ngokweqile sekuholele ekutheni kuqothuke utshani,” kusho iPSL.

Le ligi ithi kusukela ngomhlaka-01 December 2017 i-Athlone stadium izovalwa ukuze ithi ukubuyela esimweni utshani bese kufakwa namapayipi.

“I-League iyazwelana namakilabhu aseCape Town futhi yenza konke okungakhoneka ukuwasiza kulezi zikhathi ezinzima kanti futhi iphinde ixoxisane neCity of Cape Town mayelana nokulungiswa kwezinye izinkundla.”

Image: Wikipedia

Related Posts