Kushaqwe inqwaba yama-AK47 nezinhlamvu ‘obekushushumbiswa’

Kuboshwe abasolwa ababili abalinganiselwa eminyakeni engu-17 kanye nengu-35 ubudala nokusolwa ukuthi bangobhongoza womkhuba wokushushumbisa izibhamu eNingizimu Afrika besebenzisa umngcele waseKomatipoort, eMpumalanga.

Amaphoyisa athi ngesikhathi abasolwa bebanjwa, kuvele ukuthi bebehlose ukudayisa izibhamu kobefuna ukuthenga.

“Izibhamu ezinkulu ezingama-AK47 sezizonke, izinhlamvu ezingu-180 kanye neveni ye-Toyota Hilux double cab kutholakele,” kusho amaphoyisa.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Ugaxele kabi ocingweni ‘obezogqekeza’ endlini

Amaphoyisa athi ngesikhathi kuboshwa abasolwa enye yama-AK47 itholakale iboshelwe eduze no exhaust ngaphansi kwemoto.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eKomatipoort Magistrate’s court ngoMsombuluko (kusasa).

UNational Commissioner, uLieutenant General Khehla Sitole, uthi ukususwa kwezibhamu eziwulolu hlobo emigwaqeni kuzosiza ekunciphiseni ubugebengu obenziwa ngazo.  

Image: SAPS

 

Related Posts