I-ANC izomangalela iqembu likaMakhosi Khoza ‘ngokukopela imibala’

I-African National Congress ithi isiqaphele ngokukhulu ukudumala ukwethulwa kweqembu elisha lalowo owayeyiLunga lePhalemende layo nodume ngokuzikhulumela uMakhosi Khozi nokuyi-African Democratic Change (ADEC).

Leli qembu elibusayo lithi lidumele ngokuthi i-ADEC ivele yakopela imibalo ye-ANC kwi-logo yayo.

“Imibala omunyama, o-green kanye no-gold yaziwa lapha ekhaya kanye nakwamanye amazwe futhi ihambisana nomlando omude futhi wokuziqhenya ngombutho wokukhulula omdala kunayo yonke e-Afrika.

“Ngaphezu kwalokho isinyathelo esingamabomu sithathiwe ukuqinisekisa ukuthi ukubukeka kwe-logo kufana ngokusondelene neye-ANC,” kusho i-ANC esitatimendeni ngoMsombuluko.

FUNDA NALOLU DABA: I-EFF isivulele icala isikhulu se-IEC ‘esixoshelwe ukunika abavoti amaphepha amathathu’

Leli qembu elibusayo liqhube lathi kwayikhona nje ukuthi i-ADEC ize “yafaka injengoba injalo imibala, kanye nokufana ncamashi kwendlela ebekwe ngayo kukhombisa ngokuphelele ukushoda kwemibono, kanye nokukhwabanisa kwezopolitiki okukhulu kakhulu”.

I-ANC ithi lokhu kubukeka njengendlela yokuheha abalandeli ngendlela yokubadukisa njengoba i-ADEC ithi izongenela ukhetho ngonyaka ka-2019.

“Lokhu kubukela phansi ukhetho olukhululekile futhi olunobulungiswa. Ngokufanelekile, i-ANC isibikele ithimba layo labameli ukuthi lifake isikhalo ne-Independent Electoral Commission esiphikisana nalokhu kudukisa okucekela phansi.”

Related Posts