Kutholakale isidumbu sengane esanda kuzalwa emfuleni

Isidumbu sengane esanda kuzalwa sitholakale emfuleni osendaweni yaseMarlboro eGoli ngoMsombuluko ntambama.

Ngokusho kwabosizo lokuqala bakwa-ER24 bathi bafike endaweni yesigameko ngemuva kokubizwa ngumphakathi.

“Ngesikhathi befika, abosizo lokuqala bathole isidumbu silele phakathi nomfula phakathi komunye udoti. I-SAPS Search and Rescue ibizelwe endaweni yesigameko ukuze izokhipha isidumbu,” kusho abakwa-ER24.

FUNDA NALOLU DABA: Iphikiwe eyokuthi abakwa-SASSA angeke baholise ngo-January

Abakwa-ER24 bathi ngesikhathi lesi sidumbu sengane sesitakuliwe bathole ukuthi akukho abebesangakwenza ukusiza njengoba umntwana ubengasakhombisi izimpawu zokuphila kanti uye wahlonzwa njengoseshonile khona endaweni yesigameko.

Imininigwane mayelana nokushona kwale ngane ibingakacaci.

Image: Pixabay

Related Posts