BUKA: I-interview ka-Dr Mbuyiseni Ndlozi ku-TV esafunda uGrade 11

Lowo onguMkhulumeli we-Economic Freedom Fighters (EFF) kuzwelonke nophinde abe yiLunga lePhalamende u-Dr Mbuyiseni Ndlozi uye wathweswa iziqu zakhe zobuDokotela ngoLwesibili (namuhla) ngemuva kokuphothula iziqu ze-Doctor of Philosophy Degree (PhD) in Politics nazithweswe esikhungweni semfundo ephakeme i-Wits University.

Lo mcimbi wokwethweswa iziqu ubuhanjelwe nawubuholi obuphezulu be-EFF, okubalwa nomholi wayo uJulius Malema, naye ophinde abe yiLunga lePhalamende.

Sekuvele ingxoxo eqoshiwe kamabonakude yangesikhathi uDr Ndlozi emenywe ohlelweni lwasekuseni iMorning Live ku-SABC 2. U-Dr Ndlonzi wayesanda kuwina i-Communicator Of The Year Award. Le ngxoxo kukhokala ukuthi eyangonyaka ka-2002 ngesikhathi uNdlozi esafunda u-grade 11.

FUNDA NALOLU DABA: I-ANC izomangalela iqembu likaMakhosi Khoza ‘ngokukopela imibala’

Kule ngxoxo wakhuluma ngobubha, nakuchaza njengento esemqondweni womuntu futhi athi indlela abantu abacabanga ngayo iyona nkinga enkulu emhlabeni jikelele.

Waqhuba wathi ufuna ukufunda ngomqondo womuntu, wathi ufuna ukuletha ukuquko ngoba ukholwa wukuthi wazalelwa ukuquko.

Zibonele le ngxoxo ngezansi:

Image: Instagram screenshot

Related Posts