BUKA: U-Dr Mbuyiseni Ndlozi ethweswa iziqu zobuDokotela

Lowo onguMkhulumeli we-Economic Freedom Fighters (EFF) kuzwelonke nophinde abe yiLunga lePhalamende u-Dr Mbuyiseni Ndlozi uye wathweswa iziqu zakhe zobuDokotela ngoLwesibili (namuhla) ngemuva kokuphothula iziqu ze-Doctor of Philosophy Degree (PhD) in Politics nazithweswe esikhungweni semfundo ephakeme iWits University.

Lo mcimbi wokwethweswa iziqu ubuhanjelwe nawubuholi obuphezulu be-EFF, okubalwa nomholi wayo uJulius Malema, naye ophinde abe yiLunga lePhalamende.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: I-interview ka-Dr Mbuyiseni Ndlozi ku-TV esafunda uGrade 11

Abantu abaningi, okubalwa nayo i-EFF babongele u-Dr Ndlozi ngalokhu kuzuza kwakhe.

Zibonele umzuzu lapho u-Dr Ndlozi ethweswa iziqu kanjalo nezinye zezithombe zalo mcimbi ngezansi:

Image: EFF Twitter account

Related Posts