Namuhla (ngoLwesibili) kusihlwa iyaqhubeka imidlalo yeligi ye-Absa Premiership nalapho kulindeleke khona imidlalo emithathu.
Omunye wemidlalo okulindeleke ukuba udonse amehlo abaningi yilowo ozobe uphakathi kwezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates kanye neSuperSport United e-Orlando Stadium ngo-19:30 kusihlwa. IBucs kulindeleke ukuba ize kulo mdlalo igcwele ukuzethemba njengoba isihleli endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-18, ngemuva kwe-Baroka FC yona enamaphuzu angu-19.
Ngakolunye uhlangothi iMamelodi Sundowns yona izotholana phezulu neBaroka FC eLucas Moripe Stadium ngesikhathi esifanayo.
FUNDA NALOLU DABA: I-PSL isivale izinkundla ezingu-13 ngenxa yenkinga yamanzi
ICape Town City yona kulindeleke ukuba yamukele iMaritzburg United ePrincess Magogo Stadium ngawo u-19:30 kusihlwa.
Eminye imidlalo emihlanu (5) kulindeleke ukuba idlalwe ngoLwesithathu.
IMIDLALO NGOLWESIBILI, 05 DECEMBER 2017:
Cape Town City VS Maritzburg United (Princess Magogo Stadium – 19:30)
Mamelodi Sundowns VS Baroka FC (Lucas Moripe Stadium – 19:30)
Orlando Pirates VS SuperSport United (Orlando Stadium – 19:30)