Imiphumela yemidlalo ye-PSL ngoLwesithathu

NgoLwesithathu kusihlwa bekuhlelwe ukuba kube nemidlalo emihlanu ye-Absa Premiership yize noma kugcine kudlalwe emine kuphela. Lokhu kube ngenxa yokuthi umdlalo phakathi kwe-Bloemfontein Celtic naMaZulu FC uye wamiswa ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle.

Ngakolunye uhlangothi iqhubekile nokuqonga ingcindezi kumqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela njengoba Amakhosi eshaywe ngo-1-0 yiChippa United emdlalweni obuseNelson Mandela Stadium.

FUNDA NALOLU DABA: USuperSport uwine amalungelo okusakaza imidlalo ye-PSL

IGolden Arrows yona ilahle ithuba lokugudluza iMamelodi Sundowns esicongweni seligi njengoba igcine ishwaywe ngo-1-0 yiFree State Stars emdlalweni obuse-Goble Park.

IMIPHUMELA NGOLWESITHATHU, 06 DECEMBER 2017:

Free State Stars 2 – 1 Golden Arrows (Goble Park)

AmaZulu (umdlalo umisiwe) Bloemfontein Celtic (King Zwelithini Stadium)

Chippa United 1 – 0  Kaizer Chiefs (Nelson Mandela Bay Stadium)

Polokwane City 0 – 1 Platinum Stars (Old Peter Mokaba Stadium)

Bidvest Wits 0-0 Ajax Cape Town (Bidvest Stadium)

Related Posts