Nayi imidlalo ye-PSL yangoLwesithathu

NgoLwesithathu miningana imidlalo elindelekile yeligi ye-Absa Premiership kulandela eminye imidlalo emithathu edlalwe ngoLwesibili.

Umdlalo okulindeleke ukuba udonse amehlo abaningi yilowo ozobe uphakathi kwezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs kanye neChippa United nozokube useNelson Mandela Stadium ngo-19:30 kusihlwa. Womabili lama qembu ayalandelana kwi-log endaweni yesithuba (6) neyesikhombisa (7) ngamaphuzu angu-16, ngemuva kwemidlalo engu-12.

Ngakolunye uhlangothi ompetha beligi iBidvest Wits bazoqhubeka nokuba ngaphansi kwengcindezi uma ngabe sebebhekene ne-Ajax Cape Town njengoba besalokhu behleli emsileni we-log ngamaphuzu angu-9 ngemuva kwemidlalo engu-11.

FUNDA NALOLU DABA: Imiphumela yemidlalo ye-PSL yangoLwesibili

Ama-Clever Boys asawine imidlalo emibili nje kuphela kule sizini kanti eza kulo mdlalo nje ahambela phezulu njengoba ngempelasonto eyedlule ethathe isicoco se-Telkom Knockout, nasihlwithe kwi-Bloemfontein Celtic ngomzuzu wokugcina.

Ngakolunye uhlangothi iGoldeni Arrows izoba sethubeni lokugudluza iMamelodi Sundowns esicongweni uma ingakwazi ukuwina umdlalo wayo neFree State Stars kusihlwa.

IMIDLALO NGOLWESITHATHU, 06 DECEMBER 2017:

Free State Stars VS Golden Arrows (18:00 – Goble Park)

AmaZulu VS Bloemfontein Celtic (19:30 – King Zwelithini Stadium)

Chippa United VS Kaizer Chiefs (19:30 – Nelson Mandela Bay Stadium)

Polokwane City VS Platinum Stars (19:30 – Old Peter Mokaba Stadium)

Bidvest Wits VS Ajax Cape Town (19:30 – Bidvest Stadium)

Related Posts