USuperSport uwine amalungelo okusakaza imidlalo ye-PSL

NgoLwesithathu iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi isiteshi sikamabonakude esikhokhelwayo nesithokala ku-DStv iSuperSport iyona ewine ithenda yamalungelo okusakaza imidlalo ye-PSL

“I-PSL ijabule ngokuqhubeka nobudlelwano obukhethekile osebuqhubeke ngaphezu kweminyaka engu-10 futhi sebubone iPremier Soccer League ikhula njengomkhiqizo osezingeni lomhlaba,” kusho iPSL esitatimendeni.

FUNDA NALOLU DABA: I-PSL isivale izinkundla ezingu-13 ngenxa yenkinga yamanzi

“Sizwa lobu budlelwano sebuholele ekuzuzeni okubonakalayo kwe-Premier Soccer League, amakilabhu ayo, abadlali kanye nebhola laseNingizimu Afrika jikelele.”  

I-PSL iveze nokuthi ngaphansi kwalesi sivumelwano imidlalo ye-PSL isazoqhubeka nokusakazwa eziteshini ezingakhokhelwa (free to air).

Related Posts