Sekulungiswa amaphepha okuvota kweyokuvotela umholi omusha we-ANC

I-African National Congress ithi kulindeleke ukuba kuqale maduze ukuvotelwa kozoba ngumengameli omusha waleli qembu njengoba kuqhubeka ingqungquthela yesi-54 yokukhetha ubuholi eNasrec eGoli.

Le nhlangano ithi kuyimanje i-Elections Agency ilungisa amaphepha okuvota kanti kuzothi kungaphothulwa lolo hlelo bese kuyaqala ukuvota okubhekwe ngabomvu.

Ngaphambilini kuye kwaphakanyiswa (nominate) amagama abaholi abazokhethelwa ezikhundleni ezehlukene nalapho uCyril Ramaphosa eye aphakanyiswa amagatsha angu-1469 kwathi imbangi yakhe uNkosazana Dlamini-Zuma yena waphakanyiswa ngamagatsha angu-1094 kwesokuba ngumengameli weqembu. Bobabili bakwamukele ukuphakanyiswa kwabo.

Kwesokuba ngusihlalo weqembu, uGwede Mantashe uphakanyiswe ngamagatsha angu-1499 kanti obangisana naye uNathi Mthethwa yena uphakanyiswe ngamagatsha angu-807. Bobabili bakwamukele ukuphakanyiswa kwabo.

FUNDA NALOLU DABA: I-EFF isivulele icala isikhulu se-IEC ‘esixoshelwe ukunika abavoti amaphepha amathathu’

Kwesokuba ngunobhala jikelele, uSenzo Mchunu uphakanyiswe ngamagatsha angu-1479 kwathi u-Ace Magashule yena waphakanyiswa angu-930. Bobabili bakwamukele ukuphakanyiswa kwabo.

Kwesokuba ngusekela nobhala uJessie Duarte uphakanyiswe ngamagatsha angu-845 kanti obangisana naye uZingiswa Losi yena uphakanyiswe angu-361. Bobabili bakwamukele ukuphakanyiswa kwabo.

Esikhundleni sokuba nguMgcinimafa uPaul Mashatile uphakanyiswe ngamagatsha angu-1581 kanti uMaite Nkoana-Mashabane yena uphakanyiswe ngamagatsha angu-275.

Related Posts