BUKA: UZuma ngesikhathi kumenyezelwa uRamaphosa njengoMengameli omusha

Sekuwumlando ukuthi lowo obenguSekela Mengameli we-ANC uCyril Ramaphosa usenguMengameli wayo omusha ngemuva kokubhincisela nxanye uDr Nkosazana Dlamini-Zuma abebanga naye engqungqutheleni yesi-54 yokukhetha ubuholi be-ANC eqhubekayo eNasrec eGoli.

UDlamini-Zuma uthole amavoti angu-2261 kanti uRamaphosa yena uthole angu-2440.

Kukholakala ukuthi uZuma ubeyingxenye yohlangothi obelweseka uDlamini-Zuma ukuba abe nguMengameli olandelayo we-ANC. UDlamini-Zuma wake waba ngunkosikazi kaMengameli Zuma. Labo abangahambisani naye bakholwa ukuthi ukuba uwinile ubezovikela uZuma, ikakhulukazi ekuthaneni angabhekani namacala enkohlakalo.

FUNDA NALOLU DABA: EZINGENA MANJE: UCyril Ramaphosa usenguMengameli omusha we-ANC

Ukunqoba kukaRamaphosa bekulindelekile njengoba ngeSonto kusihlwa eye waphakanyiswa amagatsha angu-1469 kwathi imbangi yakhe uNkosazana Dlamini-Zuma yena waphakanyiswa ngamagatsha angu-1094 kwesokuba ngumengameli weqembu. 

Zibonele ngezansi ukuthi uZuma wenze njani emzuzwini lapho kumenyezelwe khona uRamaphosa njengoMengameli omusha we-ANC.

Image: Twitter screenshot

Related Posts