EZINGENA MANJE: UCyril Ramaphosa usenguMengameli omusha we-ANC

Sekuqinisekisiwe ukuthi lowo obenguSekela Mengameli we-ANC uCyril Ramaphosa usenguMengameli wayo omusha ngemuva kokubhincisela nxanye uDr Nkosazana Dlamini-Zuma abebanga naye engqungqutheleni yesi-54 yokukhetha ubuholi be-ANC eqhubekayo eNasrec eGoli.

UDlamini-Zuma uthole amavoti angu-2261 kanti uRamaphosa yena uthole angu-2440 .

Kubonakale kuba nemizwa engafani ngemuva kokuba uDavid Mabuza ekhethwe njengeSekela Mengameli, ehlula uLindiwe Sisulu, yena obekuthathwa ngokuthi usohlangothini lukaRamaphosa. UMabuza uthathwa njengosohlangothini lukaDlamini-Zuma.

UMabuza uthole amavoti angu-2538 kanti uSisulu yena uthole angu-2159.

FUNDA NALOLU DABA: Sekulungiswa amaphepha okuvota kweyokuvotela umholi omusha we-ANC

ObenguNobhala Jikelele uGwede Mantashe usenguSihlalo omusha weqembu njengoba ethole amavoti angu-2814  ehlula uNathi Mthethwa yena othole angu-2269.

U-Ace Magashule usenguNobhala Jikelele omusha we-ANC njengoba ehlule uSenzo Mchunu ethola amavoti angu-2360 ekubeni yena uSenzo ethole angu-2336. UMagashule naye ubesekelwa yilabo abasohlangothini lukaDlamini-Zuma.

Lowo obenguSekela Nobhala Jikelele uJessie Duarte ubuyele kulesi sikhundla ngamavoti angu-2474 njengoba ehlule uZingiswa Losi yena othole amavoti angu-2213.

UPaul Mashatile ukhethwe njengoMgcinimafa Jikelele omusha we-ANC njengoba ethole amavoti angu-2517  kanti obebangisana naye uMaite Nkoana-Mashabane yena uthole angu-2178. UMashatile yena ubengasohlangothini olweseka uRamaphosa. 

Image: GCIS

Related Posts