BUKA: Intukuthelo ngokukhishwa ‘ngesihluku’ kwentatheli kweye-ANC

Sekuqubuke enkulu intukuthelo, ikakhulukazi ezinhlakeni zabezindaba kulandela ukugxavunwa kwentatheli esimkantshubomvu ngamaphoyisa maqede yakhishelwa ngaphandle engqungqutheleni eqhubekayo ye-ANC eNasrec eGoli.

USam Mkokeli kubikwa ukuthi ugxavunwe kabi amaphoyisa ngesikhathi uMengameli omusha we-ANC uCyril Ramaphosa ezulazula lapho kubanjelwe khona ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC. Utshele izintatheli ukuthi iphoyisa limtshele Ukuthi lizombopha kanye nokuthi lithathe isigqebhezana esimvumela ukuba asebenze kule ngqunquthela.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: UZuma ngesikhathi kumenyezelwa uRamaphosa njengoMengameli omusha

Inhlangano yabahleli bezindaba iSouth African National Editors Forum (Sanef) kulindeleke ukuba ihlangane ne-ANC mayelana nalesi sigameko.

Lesi sigameko sesigxekwe kakhulu yizintatheli zemithombo eyehlukene yezindaba kuleli.

Image: Twitter Screenshot

Related Posts