UWoolworths usuhoxise izikibha ‘ezakhiwe ngoboya bezilwane’

Isikhondlakhondla sesitolo ezidayisa ukudla kanye nezimpahla zokugqoka kuleli uWoolworths uthi sezihoxisiwe izikibha zezingane okuvele izinsolo zokuthi kusetshenziswe uboya bezilwane ekwakhiweni kwazo.

Ngokusho kwalesi sitolo, siye salunywa indlebe mayelana nokungase kube ukusetshenziswa koboya bezilwane kumabhola amancane asaboya ayimihlobiso (pom-pom trims) ezikibheni ezintathu zezingane.

“Ngaleso sikhathi, umkhiqizo ukhishiwe emashalofini, njengoba kusaqhubeka olunye uphenyo. Ukuhlolwa okuzimele kuqalisiwe kanti kuqinisekisiwe ukuthi indwangu esetshenziswe kwi-pom-pom trim ngempela iwuboya bezilwane,” uWoolworths usho kanjalo esitatimendeni.

FUNDA NALOLU DABA: Ungaphili impilo engaphezu kwamandla akho – isexwayiso kubathengi

Lesi sitolo sithi sizibophezele kwinhlalakahle yezilwane, sathi yingakho sesinqume ukukhipha lo mkhiqizo ezitolo. “Imigomo kaWoolworths iyakubeka ukuthi abukho uboya bezilwane obungase busetshenziswe kunoma ngabe yimuphi umkhiqizo wethu.”

UWoolworths uzwakalise okukhulu ukuxolisa kumakhasimende “ngalesi sigameko esiphoxayo” kanti ngaphezu kwalokho uthi amakhasimende abesezithengile lezi zikibha angazibuyisa khona ezobuyiselwa imali yawo.

Image: Supplied

Related Posts