Abasebenzi bakwa-Shoprite Checkers bazongenela isiteleka kusasa

Abasebenzi abangaphezu kuka-30 000 besikhondlakhondla sesitolo esidayisa ukudla kuleli uShoprite Checkers kulindeleke ukuba bangenele isiteleka ngosuku okulindeleke ukuba lube matasa kakhulu kubathengi bakuleli, uLwesihlanu wangomhlaka-22 December 2017, nalapho iningi labantu lizobe lithengela khona uKhisimusi.

Lesi siteleka esizothatha usuku olulodwa sizongenelwa ngabasebenzi abangamalunga enyunyana yabasabenzi iSACCAWU.

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu ithi iyaseseka lesi siteleka nalapho kuzobe kutelekelwa, phakathi kwezinye zezinto, ukuba kuguqulwe isinqumo sokushintshwa kwamahora okusebenza kanjalo nokuthi kubuyiselwe emsebenzini abasebenzi bakwaCheckers oseSandton nabaxoshwa ngemuva kokubhikishela lezi zinguquko.

FUNDA NALOLU DABA: UWoolworths usuhoxise izikibha ‘ezakhiwe ngoboya bezilwane’

Okunye abafuna kwenzeke ukuba “kumiswe ngokushesha ukuncishiswa kwamahora okusebenza” kubasebenzi abangasebenzi ngokugcwele.

“Inyunyana izobamba amamashi ahlukene kanye nemibhikisho emadolobheni ezweni lonke ngosuku olufanayo,” kusho iCosatu, yengeza ngokunxusa nabanye abasebenzi kanye nabathengi ukuba baseseke lesi siteleka ngokuduba lesi sitolo “ngokuphathisa abasebenzi okwezigqila”.

Image: Pixabay

Related Posts