IChiefs isisayine umdlali ohlaselayo, yabolekisa ngesitobha

Izinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs seziqinisekise ukusayisa umdlali odle ngokuhlasela uKabelo Mahlasela nobegijima kwi-Bloemfontein Celtic.

Ngokusho kweChiefs, lo mdlali ongowokuzalwa eSebokeng usayine inkontileka yeminyaka emibili kanye nohhafu nalapho kunethuba lokuthi ingaphinde ivuselelwe ngomunye unyaka.

FUNDA NALOLU DABA: USuperSport uwine amalungelo okusakaza imidlalo ye-PSL

“Ngibonga kakhulu ngokuba lapha. Ngikholwa ukuthi ngingakhula futhi ngisize neqembu,” uMahlasela ucashunwe esho kanjalo ezinhlakeni zezokuxhuma zeChiefs.

Nokho esitatimendeni sabezindaba ngoLwesibili ntambama leli qembu laseSoweto lithe lizobuye liyidalule eminye imininingwane mayelana nalokhu kusayina kukaMahlasela. 

Kwenzeka lokhu nje ngaphambilini iChiefs iqinisekise ukuthi umdlali wayo wasemuva uLorenzo Gordinho ubolekiswe kuyo iCeltic nalapho kuthiwa usayine khona inkontileka yonyaka owodwa. IChiefs ifisele uGordinho okuhle kodwa kwiSiwelele.

 Image: Kaizer Chiefs Twitter Account

Related Posts