ISEXWAYISO: Kuthiwa sebephelile abama-Uber nama-metered taxi KwaMashu

Amaphoyisa aKwaMashu asekhiphe isexwayiso ngokugetshengwa kwabashayeli bamatekisi akhokhelwa ngebanga alihambile, ama-Uber kanye nama-metered taxi, nokubikwa ukuthi kudla lubi KwaMashu kanye nasezindaweni eziseduzane.

“Lesi sixwayiso siza ngemuva kokuba inqwaba yokudunwa kubikiwe nalapho izigebengu zizenza amakilayenti futhi zifune ukulandwa ema-restaurants, ama-night clubs noma kwezinye izindawo ziya ezindaweni ezizicelile ezizungeze iKwaMashu,” kulandisa amaphoyisa.

“Abasolwa bajwayele ukumisa abashayeli bebakhombe ngezibhamu bese bebaphanga izimpahla zabo baphinde bathathe nezimoto zabo,” kuqhuba amaphoyisa, engeza ngokunxusa abashayeli ukuba baqaphele kakhulu uma ngabe beyolanda amakhasimende.

FUNDA NALOLU DABA: Kugxekwe isigameko sokushiswa kwetekisi ‘umphakathi’

Ngomhlaka-31 December 2017, ngezikhathi zabo 22:15, kubikwa ukuthi umshayeli oneminyaka engu-41 ubudala wayeyoshiya umgibeli ku-Ndlondo road kwa-G section nokubikwa ukuthi wayekhokhe imali engaphelele wabe esecela umshayeli ukuba alinde umuntu ozoyigcwalisela. 

“Kungazalele muntu ummangali wakhonjwa ngesibhamu. Bathatha imali kanye nomakhalekhukhwini bakhe ababili base babaleka,” kulandisa amaphoyisa.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Ugaxele kabi ocingweni ‘obezogqekeza’ endlini

Kwesinye isigameko, nokubikwa ukuthi senzeka ngoMsombuluko wangomhlaka-1 January 2018 ngezikhathi zabo-23:20, umshayeli oneminyaka engu-24 ubudala kuthiwa wathintwa ukuba azolanda umgibeli ePhoenix owayeya kwa-J section, KwaMashu.

“Ngesikhathi befika lapho babeya khona, umsolwa wayalela ukuba ashiywe wabe esedonsa isibhamu enqulwini yakhe wabe esesikhomba kuyena [umshayeli]. Umsolwa wesibili weza, bafuna umakhalekhukhwini, bafuna imali futhi wabe esephoqwa [umshayeli] ukuba angene ebhuthini lemoto,” kuqhuba amaphoyisa.

Kuthiwa kwavulwa amacala okuphanga esiteshini samaphoyisa KwaMashu.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts