Kugxekwe isigameko sokushiswa kwetekisi ‘umphakathi’

Amaphoyisa esifundazweni iLimpompo asezwakalise ukugxeka isigameko sokushiswa kwetekisi elithutha umphakathi nokusolakala ukuthi ishiswe yiqulu labantu abebehlasela endaweni yaseGa-Mphahlele, ngaphandle kwaseLebowakgomo.

Kulesi sigameko okubikwa ukuthi senzeke ngoLwesibili ntambama, “kusolwa ukuthi amalunga omphakathi asendaweni ashaye ngamatshe amatekisi amane aphinde ashisa eyodwa yaba ngumhlotha ngemuva kokuthi iqeqebana labantu bamatekisi liphoqe umhlali oyedwa ukuba asebenzise itekisi esikhundleni sokumisa izimoto emgwaqeni (hiking) eduze nerenki yamatekisi eSeleteng,” kusho amaphoyisa.

FUNDA NALOLU DABA: VIDEO: ‘Ziyasabeka izinto ezenziwa abadle i-zombie drug’

Amaphoyisa athi kuvulwe amacala okudala umonakalo empahleni kanye nokulimaza.

 “Abeko abasaboshiwe okwamanje kodwa uphenyo lwamaphoyisa okubalwa nouhlonzwa kwalabo abathintekayo lusaqhubeka,” kuqhuba amaphoyisa.

Amaphoyisa athi labo ababandakanyekayo kulesi sigameko kuzobhekwana nabo ngaphandle kokuba nozwelo nokwehlela ngezansi.

Image: SAPS

Related Posts