AmaZulu achitha imibiko yokungahoshelani kukaNomvethe nomqeqeshi

Iqembu laKwaZulu-Natali elidlala esigabeni sePremier Soccer League (PSL) AmaZulu FC asechithe lokho akubize “ngamahlebezi angenasisekelo” nalapho kunezinsolo zokuthi kunokungahoshelani okuqhubekayo phakathi kwenkakha yomgadli waleli qembu uSiyabonga Nomvethe kanye nomqeqeshi uCavin Johnson.

NgoLwesithathu (izoloo) Usuthu  belubambe isithangami sabezindaba nebesihanjelwe nguye uqobo uNomvethe, uJohnson kanye noyiGeneral Manager uLunga Sokhela  ukuzocacisa ngalamahlebezi athinta iBhele, njengoba eteketiswa kanjalo uNomvethe.

Ngokusho kwaleli qembu, lezi zinsolo zokungahoshelani zisukela odabeni olushicilelwe yi-website yezindaba zebhola lezinyawo nalapho kuthiwa owayengumsebenzi weqembu uveze izinsolo zokuthi uthintwe abalandeli boSuthu ngezinto ezenzeka kuleli qembu.

FUNDA NALOLU DABA: IChiefs isisayine umdlali ohlaselayo, yabolekisa ngesitobha

“Ngokusho kowayengumsebenzi kukhona ukungahoshelani phakathi kukaNomvethe kanye noMqeqeshi futhi sekuholele ekutheni abanye babalandeli bagijemele emnyango wakhe nokusolwa ukuthi kungenxa yokushoda kwesikhathi sokudlala kanye nokungaboni ngaso linye nomqeqeshi,” AmaZulu asho kanjalo esitatimendeni.

Kodwa-ke uSokhela uthe iqhaza likaNomvethe kuleli qembu akusikhona nje kuphela ukudlala enkundleni, kodwa nokwelusa abanye abadlali eqenjini ukuze nabo bagcine befana naye.

“Ungumuntu okubukelwa kuyena ngaphakathi kanye nangaphandle kwenkundla futhi njengabaphathi siyamthanda futhi siyamhlonipha kakhulu.

“Uhlangothi lwethu njengabaphathi kanye nabaqondisi bekilabhu lucacile, umqeqeshi futhi umqeqeshi yedwa kuphela ongakhetha isikwadi kanye neqembu elizodlala,” kusho uSokhela.

FUNDA NALOLU DABA: USuperSport uwine amalungelo okusakaza imidlalo ye-PSL

USokhela uphinde wangeza nangokuthi akekho umdlali ongasayina eqenjini ngale kokuthanda kwakhe, wathi lokhu bekulokhu kuwumgomo futhi kuyohlala kuyiwona.

Eziphendulela uNomvethe, uthi yena imithuse kabi le mibiko ngoba uhlale eyindoda elihloniphayo iqembu layo, abaqeqeshi kanye nozakwabo.

“Ngiyindoda yomndeni futhi angikulandeleli okushiwo kumaphephandaba,” kusho lo mgadli ongalibheki ipali egcizelela nangokuthi akanakho ukungezwani nomqeqeshi, yithimba labaqeqeshi kanye nekilabhu.

UJohnson naye uthi zimthusile lezi zindaba, wathi njalo uma ngabe unyuka intaba kuhlale kuzoba nabantu abafuna ukukudonsela phansi.

Image: AmaZulu Twitter account

Related Posts