Sekucishe kufinyelele ngasesiphethweni ukulinda nokuminca okade kwaqala kubafundi abebefunda umatikuletsheni (matric) ngonyaka ka-2017 njengoba emahoreni ambalwa kuzomenyezelwa imiphumela.
UNgqongqoshe weMfundo esemazingeni aphansi u-Angie Motshekga kulindeleke ukuba amemezele imiphumela ka-matric emcimbini okulindeleke ukuba usakazwe bukhoma ku-SABC ngoLwesine kusihlwa.
FUNDA NALOLU DABA: Nakhu okumele ukwazi ngombiko kolwemfundo yamahhala
Imiphumela yabafundi ngamunye kulindeleke ukuba ikhishwe ngomhlaka-5 January 2018 ezikoleni noma ezikhungweni zokuhlolwa lapho abafundi babhalela khona.
Umalusi, nokuyi-Council for Quality Assurance in General and Further Education and Training, uthi ukuhlolelwa i-2017 National Senior Certificate akubanga nazigameko ezitheni ngaphandle kokuphazamiseka okumbalwa kwezinye izingxenye zezwe.
Umcimbi wokumenyezelwa kwemiphumela uzosakazwa bukhoma ku-SABC kusuekala ngo-6pm ezindlini zokusakaza ze-SABC e-Auckland Park, eJohannesburg.
FUNDA NALOLU DABA: Kuzosakazwa kumabonakude ukumenyezelwa kwemiphumela ka-matric
Bangu-634 527 abafundi abebefunda ngokugcwele (full-time) ababhalisela ukubhala izivivinyo bese beba ngu-168 109 abebengafundi ngokugcwele (part-time).
Isifundazwe iKwaZulu-Natal yisona esihamba phambili ngokuba nabafundi abangu-153 624 abebefunda ngokugcwele.
Image: GCIS