Nazi izindlela zokunakekela i-battery ye-smartphone yakho

Iningi labantu esikhathini samanje selikuthola kunzima ukuphila ngaphandle kwama-smartphones abo ngenxa yokujovwa ubuchwepheshe obunhlobonhlobo obutholakala kuwona okufana ne-WhatsApp, Facebook, Twitter, umculo, izithombe, ama-video kanye nokuthumela nama-emails.

Nokho-ke ningi lama-battery ama-smartphones agcina engasasebenzi kahle ngenxa yokuthi awakutholi ukuphumula kubanikazi bawo abahlale bewachofa umzuzu nomzuzu.

Yingakho-ke uSamsung, nowaziwa njengesikhondlakhondla senkampani ekhiqiza omakhalekhukhwini abangaconsi phansi kumakhasimende emhlabeni wonke, usuqhamuke nezeluleko (tips) zokunakekela i-battery ye-smartphone yakho.

FUNDA NALOLU DABA: Intukuthelo kubantu uWhatsApp ungavumi ukusebenza

Oyi-Vice President of Integrated Mobility kwa-Samsung Electronics South Africa, uCraige Fleischer, uthi izinga eliphezulu lemikhiqizo yinto ebaluleke kakhulu kubona njengenkampani kanti kuningi asebekwenzile ukuqinisekisa ukuthi ama-smartphone abo angaphephe kakhulu emakethe.

Nazi-ke izindlela ezintathu abakwa-Samsung abathi zingasiza amakhasimende ukuba agweme ukuphelelwa ama-battery ngesikhathi esibaluleke kakhulu.

  1. Gcina i-battery ye-smartphone yakho iku-50%. Ungakuvumeli ukuthi i-battery yakho ize iphele yonke ngoba lokho kungadala ukuthi ingabe isahlala isikhathi eside. Qikelela futhi nokuthi awuyishaji (charge) ifoni yakho ubusuku bonke – gwema ukuthi iqhubeke nokushaja uma isidlule ku-100%. Kubalulekile ukuthi i-battery ye-smartphone yakho ihlale iphakathi kuka-40 kanye no-80 percent ngaso sonke isikhathi.
  2. Ungalokothi ushiye i-smartphone yakho endaweni eshisa kakhulu. Lokhu kuhlanganisa nokuyibeka eduze nesitofu ngesikhathi upheka. Akukhathalekile ukuthi ifoni yakho icinyiwe yini, okusalayo ukushisa kuzoyipheka i-battery yakho. Lokhu kungenxa yokuthi ifoni yakho iphatheka kahle kwizinga lokushisa elingu-0° degrees Celsius.
  3. Indlela enhle yokushaja ifoni yakho ukuthi uyishaje odongweni, usebenzisa ishaja yayo eyi-original, okunokuthi iyixhume kwi-computer noma i-USB adapter. Ngaleyo ndlela izoshajeka ngokushesha, ngokuphepha futhi ikwazi ukusebenza isikhathi eside.

Image: Pixabay

Related Posts