Aboshiwe amaphoyisa ‘antshontshe u-R210 000’ womshayeli

Uphiko lwe-Hawks Serious Corruption Crime Unit lubophe abasolwa ababili abasebenzela esiteshini samaphoyisa esisePienaarsriver eLimpopo ngezinsolo zenkohlakalo kanye nokweba.

Lokhu kulandela isigameko okuthiwa senzeke ngoLwesibili ntambama nalapho kubikwa ukuthi la maphoyisa amise imoto yommangali emgwaqeni onguthelawayeka u-N1, eduze nase-Pienaarsriver, nalapho abe eseyisesha kanti azozithela phezu kwezizumbulu zemali.

FUNDA NALOLU DABA: Kunxuswa osomatekisi nomphakathi ukuba babe nokuthula eRustenburg

Ngokusho kwamaphoyisa ophiko lwama-Hawks, amaphoyisa abe esesabisa ngokubeka ummangali icala lokushintshisana ngemali ngokungekho emthethweni kanti kusolwa ukuthi abe esefuna ukugwazelwa ngenkani ngesamba semali engu-R20 000 ukuze amdedele.

Esikhathini esingengakanani kusukela lapho kubikwa ukuthi ummangali uqaphelile ukuthi isamba semali engango-R210 000 asisabonwa kanti ube eseya esiteshini samaphoyisa ukuze avule icala.

Uphenyo loKlebe kuthiwa luholele ekuboshweni kwala maphoyisa ngoLwesithathu.

Image: Public Domain Pictures

Related Posts