Kuthiwa selugobile uphondo kuMengameli Zuma

Inhlangano yezokusakaza kuleli iSABC ibika ukuthi seluze lwagoba uphondo kulowo onguMengameli wezwe laseNingizimu Afrika uJacob Zuma mayelana nokuba asule esikhundleni.

Empeleni ngokusho kwe-SABC into esidingidwa manje ukuthi sizomenyezelwa kanjani isimemezelo sokusula kukaZuma phakathi kwe-ANC kanye ne-Union Buildings.

UZuma ubelokhu esezingxoxweni nalawo osenguMengameli weqembu elibusayo i-ANC, uCyril Ramaphosa, nophinde abe nguSekela Mengameli wezwe. Kukholakala ukuthi inhloso yalezi zingxoxo bekuwukuncenga uZuma ukuba ehle esikhundleni kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi washaya phansi ngonyawo ukusula ngesikhathi enxuswa ukuba enze njalo abaholi abayisithuba abaphezulu (top six) be-ANC.

OLUNYE UDABA: BUKA: UZuma ngesikhathi kumenyezelwa uRamaphosa njengoMengameli omusha

Imibiko eyavela ithi uZuma wathi yisigungu esiphezulu se-ANC okuyi-NEC kuphela engakwazi ukuthatha isinqumo sokumkhipha esikhundleni.  Kodwa-ke kwathi uma sekuzwakala ukuthi lesi sigugu sihlela ukubamba umhlangano ophuthumayo ukuze simkhiphe uMengameli Zuma washaya ungqiphothwe, ngokusho kwemibiko, nalapho okuthiwa wafonela uRamaphosa ngokushesha efuna ukuba bangene ezingxoxoweni zokuphuma kwakhe.

Kukholakala ukuthi okwenza kube salukhuni satshe kuMengameli Zuma ukusuka esikhundleni amacala angase abhekane nawo kanjalo nokukhathazeka ngokuthi kuzofanele akhiphe ephaketheni lakhe ukukhokhela izindleko zemidonsiswano yamacala abhekene nayo njengoMengameli wezwe.

Ngesonto eledlule kuqopheke umlando kuleli ngokuhlehliswa kwenkulomo ebhekiswe esizweni iState of the Nation Address (SONA) nokwakulindeleke ukuba yethulwe nguZuma njengoMengameli wezwe.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts