Sekuwumlando ukuthi lowo obenguMengameli wezwe laseNingizimu Afrika uJacob Zuma usesulile esikhundleni. UZuma usule ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kwengcindezi ebivela eqenjini lakhe i-ANC.
Inkulumo yokwesula kukaZuma abeyibhekise esizweni ibisakazwa bukhoma kumabonakude.
Ngaphambilini ngoLwesithathu uZuma ube nengxoxo ekhethekile nophiko lwabezindaba lwaka-SABC nalapho evule khona isifuba, ephumela obala ngokungahambisani nombono we-ANC wokuthi ehle esikhundleni ngenxa yokuthi uyisola ngokuthi ayimuniki isizathu okukanye ayimutsheni ukuthi wenzeni.
FUNDA NALOLU DABA: Kuthiwa selugobile uphondo kuMengameli Zuma
Kwenzeka lokhu nje namhlanje bekuwusuku lwamanqamu lokuba uZuma asule ngokomnqamulajuqu awubekelwe yi-ANC kanti nangale kwalokho ngoLwesine (kusasa) bese kuvele kulindeleke ukuba ibhantshi ligcwale umoya njengoba kunezinhlelo zokuba aketulwe ngevoti lokungamethembi ePhalamende esiphakamisweni se-EFF neyesekelwa ngamanye amaqembu aphikisayo kanye nayo uqobo i-ANC.
Image: GCIS