Iningi labantu baseNingizimu Afrika libheke ngabomvu ukuthi ngabe iquketheni inkulumo kaMengameli wezwe ayibhekise esizweni njengoba kukuningi ukuqagula kokuthi angase asule.
Lokhu kulandela ukulaxazwa yiqembu elibusayo i-ANC nethathe isinqumo sokumhoxisa njengoMengameli wezwe yaphinde yamxusa nokuba asule esikhundleni. NgoLwesine (kusasa) besekuvele kuhlelwe ukuba aketulwe ngevoti ePhalamende esiphakamisweni se-EFF sokungamethembi nesesekwa amanye amaqembu aphikisayo kanye nayo uqobo i-ANC.
Ngaphambilini ngoLwesithathu uZuma ube nengxoxo ekhethekile nophiko lwabezindaba lwaka-SABC nalapho evule khona isifuba, ephumela obala ngokungahambisani nombono we-ANC wokuthi ehle esikhundleni ngenxa yokuthi uyisola ngokuthi ayimuniki isizathu okukanye ayimutsheni ukuthi wenzeni.
FUNDA NALOLU DABA: Kuthiwa selugobile uphondo kuMengameli Zuma
Kwenzeka lokhu nje namhlanje bekuwusuku lwamanqamu lokuba uZuma asule ngokomnqamulajuqu awubekelwe yi-ANC kanti nangale kwalokho ngoLwesine (kusasa) bese kuvele kulindeleke ukuba ibhantshi ligcwale umoya njengoba kunezinhlelo zokuba aketulwe ngevoti lokungamethembi ePhalamende esiphakamisweni se-EFF neyesekelwa ngamanye amaqembu aphikisayo kanye nayo uqobo i-ANC.
Image: GCIS